KUBHONYWE ABALANDELI KUMBUSO WAMACIKO BEJABULELA UKHUZANI
Onogada bakhiphe ngendluzula abalandeli ngesikhathu uKhuzani Indlamulenze isesteji. Abalandi
beqiwe injabulo badlula ngedluzula lapho bebekalelwe ukuthi bengadluli khona okuholele ekutheni
bezithole sebebhonywa onogada. uKhuzani ube esemisa umcimbi wakhetha ukulwela abalandeli nabathandi bomculo kamaskandi. "Uphi umaPholoba" lapha uKhuzani kade ebuza umhleli womciba ukuthi uphi ngoba engavumelani nento ebikade yenzeka kubalandeli bakhe abaziwa nge Blue Nation.
uKhuzani obekade ephesheya kwezilwandle eNgilande lapho agcine engasedlalanga ngendlela okwakuhlelwe ngayo ekuqaleni ngesimo sokudlula emhlabeni kwendlovukazi uQeen Elizabeth. Lomculi ushaye ibuya kuleli wabe eseya emcombini uMbuso wamaciko. Abalndeli bakho bakhombise ukumthakasela kakhulu lokhu okubaholele ekutheni beshaywe ngonogada. Imbangi yakhe uMthandeni Igcokama elisha Putin Manqele ubengeyona inxenye yalomcimbi kwazise kunokungathelelani kwamanzi phakathi kwakhe nomhleli womcimbi uGe Ngcobo.
Comments
Post a Comment