UKHETHE UKUZITHUTHUKISA NGOKWAWO UMPHAKATHI OGQOZELWA INTUTHUKO EMSINGA

 UMPHAKATHI UBUSUKHATHELE UKULINDA UKUTHUTHUKISWA UMNYANGO

Nkanyiso Mntambo

image: Nkanyiso Mntambo


Amalunga omphakathi waseNgubevu eKhwanini endaweni yaseMsinga top KwaZulu-Natal akhombise okukhulu ukubambisana ezilethela ngokwawo intuthuko emphakathini wawo. Umphakathi uhlanganise amakhanda wabhunga indaba yokungabi namanzi isikhathi eside emphakathini wawo.Umphakathi ubambisene uphume nesinqumo sokuthi umuzi nomuzi owakhele lendawo uhlanganise imali ethize okuyiyona ezosiza umphakathi uthole izinsiza kusebenza zokudonsa amanzi. Phakathi kwawo lomphakathi kukhona ilunga elineziqu zawo amanzi okungu Sphephelo BlackT Luvuno ozimisele ngokusiza umphakathi uthole amanzi, okunguyena ithemba lomphakathi ngoba uthathe igxathu lokuthi uzidonsele umphakathi amanzi, ube esehlola enye yezindawo kulomphakathi wathola ukuthi ikhona indawo lapho bengawamunca khona phansi komhlaba amanzi.

Lapha esthombeni kuthathwe amalungu omphakathi ebambiseni ephethe amapiki namafosholo egubha amanye amapayipi azosiza kumuncwe amanzi. Lomphakathi sekunesikhathi eside ungenawo amanzi okuholele ekutheni amanzi abawadlayo bewabange nemfuyo. Intuthuko ibukeka igqoza kakhulu kulomphakathi, ezinye indawo zinabo ompompi kodwa amanzi awaphumi.

 

Comments

Popular posts from this blog